Uhlulekile ukufihla ukucasuka nokuphoxeka umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ebukela iqembu lakhe lihlulwa ukushaya igoli libhekene ne-eSwatini kowobungani.
I-eSwatini, ekleliswe kunombolo 144 ngokweFIFA ibambe iBafana umdlalo wonke, lingekho iqembu eligoba uphondo.
Bekuqala ngqa ukuthi izivakashi zibambe umphumela wokungahlulwa uma zibhekene neNingizimu Africa emidlalweni eyisithupha.
IBafana ibihluleka ukukhanda amathuba acacile okushaya amagoli.
Sekuphele umdlalo, uBroos ukhulume nabeSABC Sport, wakubeka obala ukuphoxeka kwakhe ngebhola alibone kwezakhe.
“Ngiphoxekile kakhulu. Angiliqondi ibhola ebesilidlala. Sihluleke esiwombeni sokuqala, besingakwazi ukukhombisa ibhola elihle. Angiqondi ukuthi kwenzakalani.
Ngibakhuzile ngesikhathi sisekhefini, bengilindele ukubona iqembu elihlukile kodwa umehluko ubungekho.
Kufanele bazinuke amakhwapha abadlali ngokubhacaza kulomdlalo. Bazobona ukuboza kwabo uma belikhuluma iqiniso,” kuchaza uBroos.
UBroos uthi uzamile ukuphaphamisa abadlali ngesikhathi sekhefu nangezinguquko azenzile kodwa umehluko awuvelanga.
“Sidlale inhlekelele yebhola esiwombeni sokuqala. Belingabukeki. Angikhumbuli sikhanda ithuba elilodwa. Kungenzeka sithole ithuba elilodwa emdlalweni. Asikaze sibukeke siyingozi
Ngiyayihlonipha i-eSwatini, ngizamile ukwenza izinguquko ekhefini kodwa akushintshanga lutho,” kubeka uBroos.