Ulindele lukhulu ku-Edson Castillo umqeqeshi weKaizer Chiefs kulandela ukushaya into ecokeme selokhe efikile ePhefeni.

UCastillo izolo uvalele igoli elinqobise iChiefs ngo 2-1 emdlalweni weMTN8 neCape Town City futhi ube nomdlalo omuhle esiswini noYusuf Maart.

“Ama-scouts ethu aye eVenezuela ukuyona indlela adlala ngayo, abona inkunzi yomdlali,” kusho uNtseki ngemuva komdlalo.

“Besidinga umdlalo ozosiqinisa, ozethembayo uma ephethe ibhola, nomuntu okwazi ukudlala ezimeni ezihlukene. Usinikeza lokho njengamanje noma kusawumdlalo wakhe wesithathu. Kuningi esisazokubona kuye, uwumdlali ohlakaniphile.”

UNtseki uqhube wathi uCastillo usadinga ukujwayela isitayela seChiefs ngokunjalo nokudlala eNingizimu Afrika kodwa akakungabazi nakancane ukuthi usazoyishubisa kwiPSL.