Udaba: uSphamandla Gumede

UNjabulo Ngcobo ugcine ebonile ukuthi ukuhluthuka inhliziyo kwakhe ngemuva kokukhishwa kudale umonakalo omkhulu. 

Lawa ngamazwi omqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane obekhuluma ngemuva kosuku kwenzeka lesigameko emdlalweni weligi beshaywa iGolden Arrows ngo 2-1 eThekwini. 

UNgcobo wenze iphutha elibi elidale igoli lokulinganisa le-Arrows kulomdlalo.

Ngesikhathi esekhishwa, uNgcobo ukhombise ukucasuka, wanqaba ukuxhawula uZwane, kwala ngisho esegxavunwa umqeqeshi wonozinti uLee Baxter obezama ukumxwayisa ngesenzo sakhe. 

Lesigameko besingundabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana. Kodwa uZwane uthe udaba selugoqiwe noNgcobo usexolisile kozakwabo. 

“Ngibona ukuthi uNjabulo ubecasukile kulesi sikhathi. Angiboni ukuthi wenze ngenhloso. Ubecasulwe yiphutha alenzile elidale igoli le-Arrows. 

Akulungile ukuthi ngimgxeke manje njengoba ngingumqeqeshi wakhe. Kufanele ngimsize ngoba ngilidlalile Ibhola nami, amaphutha ngiwenzile, ngafunda kuwona. UNjabulo usesimeni esifanayo,” kubeka uZwane. 

UZwane uthe bazomeseka uNgcobo, beqinisekise ukuthi umqondo wakhe awuphazamiseki ngoba ungomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu eqenjini.

“UNgcobo udinga iqembu nokusizwa abanye abadlali. Uxolisile namuhla ekuseni ngoba umqondo ubuyile vele. Bengibona ngisho emdlalweni ukuthi uyazisola, naye uwubonile umonakalo awenzile ngesenzo sakhe. 

Angeke simehlulele. Kufanele simsize njengabaqeqeshi ukuze ezoqina ukhakhayi. Ungomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu esinabo. Asikungabazi lokho. Sizozama ukumsiza afeze amaphupho akhe. Sifuna ukukhuphula izinga lebhola lakhe,” kusho uZwane. 

IChiefs inomunye umdlalo weDSTV Premiership ngoMgqibelo eFNB Stadium. Izobhekana neCape Town City ebonakala isigobe uphondo ekugolozeni ukudlala. 

UZwane uthi lomdlalo uzosinda kwiChiefs.

“Silindele umdlalo onzima kwiCape Town City. Baneqembu elihle, eliqinile emuva, elikwazi nokudlala ibhola ezinyaweni. Abadlali basesiswini bayakwazi ukudlala ibhola, bayakwazi nokuphasela abagadli. 

Sebejwayelene manje ngoba banesikhathi eside bedlala ndawonye. Bafaka ingcindezi njengoba ubonile emidlalweni weSundowns. Silindele umdlalo omuhle, sithemba ukuthi singabuya nomphumela ogculisayo. Siqale ekuseni ukubalungiselela.”