Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi umgadli osemncane weDSTV Diski Challenge uBoitumelo Radiopane uzothola ithuba kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2022/23.

URadiopane ushaye amagoli angu-24 emidlalweni engu-27 kwiDSTV Diski Challenge kulesizini ephelile. Unqobe imiklomelo emibili kumaPSL Awards, okungowomdlali ovelele nomshayimagoli ohamba phambili.

UNcikazi uthi ukuzikhandla kukaRadiopane akuzibeki, kufanele anikezwe ithuba ngesizini ezayo.

“Usezingeni eliphezulu uRadiopane, uyalishaya igoli, ukhahlela ngezinyawo zombili, ukwazi nokungqofa ngekhanda. Ngiyakuthanda engikubone kuye, kodwa kuseyizinkomba kuphela.

Asimnikeze ithuba esigabeni esiphezulu. Sekuzolala kuyena okunye. Ngiyathemba sinomdlali omuhle kuRadiopane, uyadinga ukudlaliswa eqenjini elikhulu.

Ngesizini ezayo uzolithola ithuba. Uzoba ngumgadli omuhle kwiPSL, unezinkomba zomdlali osezingeni,” kubeka uNcikazi ecashunwa abeSuperSport.

Ukuhamba kukaGabadihno Mhango kuzoshiya isikhala esikwatini seBucs okungenzeka sivalwe uRadiopane.