Umqeqeshi weSwallows ubethukuthele egane unwabh ngemuva komdlalo wama-playoffs beshaywa iCape Town All Stars ngo 2-1 ngempelasonto.

ISwallows yashaya igoli kuqala kulomdlalo kodwa yahluleka ukubamba umdlalo sekuyovalwa. ICT All Stars yashaya amagoli amabili emizuzwini elishumi yokugcina.

ICT All Stars ibivele isiphumile embamgweni wokunqoba amaPlay-offs njengoba ibihlulwe kabili emdlalweni emithathu.

“Umdlalo ubuphethwe iSwallows, besigijima nabo emdlalweni. Kubhede ngephutha likaLetlabika ophisane ngebhola, kwangena igoli kalula. Bekungafanele umdlali azame ukutayela ngoba besihamba phambili ngegoli elilodwa. UFawaaz bekufanele enze kangcono naye.

Kuphoqile ukuthi sikhiphe uSasman, sidlale ngabadlali abane emuva. Ibingekho ingozi, siphisane ngebhola kalula, izimbangi zabuye emdlalweni. Bathole iphenathi nayo emgingayibonanga kahle.

UFawaaz bekufanele azame ukuqinisa unyawo, athinte ibhola kancane. Ulale ibhola kalula, kwakhonjwa iphenathi ngakithi. Bathole amathuba amathathu kuphela, thina sihlulwe ukugcina umphumela, besiwina bekufuneka siqhubeke nokuhlasela. Amaphutha esiwenzile a sifake obishini,” kubeka uKerr ekhuluma nabeSupersport TV.

ISwallows inamaphuzu amane emidlalweni emithathu, ilandela ngemuva kwi-University of Pretoria enamaphuzu amahlanu esicongweni.

ISwallows idinga ukunqoba ukuze izoqinisekisa indawo yayo kwiDSTV Premiership. AmaTuks adinga iphuzu elilodwa ukuze ezobuyela kwiDSTV Premiership.

“Umdlalo olandelayo ubalulekile, owinayo uzohlomula. Silahlekelwe uJunaid ngoba etholwe amakhadi amane aphuzi. Sekufuneka abadlali baphumule, bacabange umdlalo olandelayo.

Sizifake kulesimo esibucayi. Besizoya emdlalweni wokugcina sidinga iphuzu elilodwa. Sesidinga amaphuzu amathathu. Sidliswe amaphutha, uma uhluleka ukujezisa amaqembu, yiwona ajezisa wena,” kusho uKerr.