Umdlali weLamontville Golden Arrows uPule Mmodi usekhulume ngengxoxo ayibamba noMandla Ncikazi ezoshiya ekuqaleni kwesizini ka-2021/22 eyojoyina i-Orlando Pirates.

UNcikazi wabeka i-Arrows endaweni yesine kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2020/21.

UMmodi obekhuluma nabeDiski Times, uthi kwamphatha kabi ukuhamba kukaNcikazi kodwa wamfisela inhlanhla eqenjini lakhe elisha.

UNcikazi kanye noSteve Komphela yibona abavukuza uMmodi esayibamba kwiGladAfrica Championship noThongathi.

“Wonke umdlali wayecabanga ngendlela efanayo kwi-Arrows. Sasifuna into eyodwa, sasijima ngenhloso, umehluko kwaba yilowo. Ngaphatheka kabi ehamba uNcikazi kodwa ngamfisela inhlanhla kuhamba lwakhe olusha. Ngambonga ngokunginikeza ithuba, wathi ubona ithalente elikhulu kimi,” kubeka uMmodi.