Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi useveze izindawo asafuna ukuziqinisa esikwatini sakhe kulandela ukumenyezelwa kukaNjabulo Blom no Bradley Cross njengabadlali abasha beqembu.

UNabi uthi akaqedile kwimakethe yokusayinisa abadlali noma iChiefs isilande abadlali abawu-7.

“Iqembu lisashoda ngabadlali abasezingeni elifanele,” kusho uNabi.

“Iqembu elisezingeni leChiefs lidinga abadlali abasezingeni eliphezulu kuyona yonke indawo. Kusukela emuva kuya phambili.

“Emuva sisayinise kahle ngoba sibe nethuba lokuhlala sibuke abadlali abambalwa. Ngeshwa asikwazi ukukwenza lokhu ngabadlali baphambili kodwa siyaqhubeka nokubheka. Ngidinga umgadli mhlawumbe nabadlali ababili basophondweni,.”

Inkulumo kaNabi ibeka ngokusobala ukuthi lo mqeqeshi akaneme ngabadlali basophondweni abakhona kwiChiefs njengamanje okunguPule Mmodi, Tebogo Potsane, noHappy Mashiane (obuye adlale kuleft back).

Ngaphandle kukaCross noBlom, iChiefs isayinise uFiacre Ntwari, Rushwin Dotrley, Bongani Sam, Gaston Sirino, noMiguel Inacio. Idedele uKeagan Dolly, Siyethemba Sithebe, Njabulo Ngcobo, S’fiso Hlanti noJasond Gonzalez.

IKaizer Chiefs izoqala imdlalo yeBetway Premiership ngomdlalo neMarumo Gallants eFree State Stadium ngoSeptember 15.