Usomaqhinga weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jnr ubalule isipiliyoni nolwazi analo ngeqembu uNjabulo Blom okhuza ibuya kuleliqembu.
UBlom (24), owaphekwa kwinkulisa yeChiefs, ubolekwe kwiSt. Louis City edlala kuMajor League Soccer e-United States.
Wayedayiselwe iSt Louis City ngoDisemba wangonyaka ka-2022 kulandela ukubhuntsha kwezingxoxo zokuvuselelwa kwenkontileka yakhe neGlamour Boys.
UBlom wafika kwezwakala kwiSt Louis isaqeqeshwa umkhaya wakhe uBradley Carnell kwazise iqembu laqeda esicongweni se-Eastern Conference ngesizini yakhe yokuqala.
Izinto zijikile sekuxoshwe uCarnell, wagcina esewukudla kwebhentshi ngaphansi kwesandla sikamqeqeshi omusha uJohn Hackworth.
“Sijabule ngokubuyisa uNjabulo eqenjini. Isipiliyoni asithole kuMLS nolwazi analo ngeqembu kusinikeza ithemba lokuthi uzosiqinisa isikwati sethu. Silindele ukubona azosenzela khona enkundleni ngoba akufanele achazelwe indlela esidlala ngayo eqenjini,” kusho uMotaung Jnr.
UBlom washiya eNaturena engakaze ayibhakuzise inethi emidlalweni engu-94.
Umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi ubeke kanje ngokusayiniswa kukaBlom.
“Ngiyamjabulela uNjabulo. Udlalile eqenjini ngaphambilini, ufana nelungu lomndeni. Ngikholwa ukuthi usezingeni eliphezulu, uzomelana nobunzima. Ngizoyithola indlela yokumsebenzisa. Ngizoqhubeka nokusebenzisana nezikhulu, sibheke abadlali abangalisiza iqembu,” kusho uNabi.
UBlom ubolekwe isizini ephelele kwiChiefs. IGlamour Boys inikezwe nombandela wokumgcina ngokuphelele uBlom uma igculisekile ngaye.