Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi akasiboni isidingo sokubiza uTshegofatso Mabasa eqenjini lesizwe ngoba unabagadli abangcono.
UMabasa uphinde wasala ngaphandle esikwatini esiwujuqu seBafana yize ebhakuzise inethi emdlalweni weMTN8 ngempelasonto.
Lomgadli wakhala wemuka nendondo yomshayimagoli ovelele kwiligi ngesizini ka-2023/24, evalela enethini amagoli angu-16.
UBroos uqoke ukubeka ithemba kuFoster noRayners njengoba sekusondele imidlalo yokuhlungela i-AFCON yango-2025. IBafana izotholana ne-Uganda neSouth Sudan ngoLwesihlanu nangoLwesibili.
UBroos uthi akwawadingi amanye amafolosi ngoba uFoster noRayners bazoyenza into ayibheke kubo.
“Ukucingela umdlali isikhala eqenjini kuphoqa ukuthi kukhishwe omunye. Kufanele ngishiye muphi umdlali uma ngizocingela uMabasa isikhala?
“U-Iqraam wazibonakalisa sibhekene ne-Algeria, waphinda wadlala kangcono koweZimbabwe. ULyle udlala kangcono kwiPremier League (Championship). Kufanele ngiqinise iqembu ngaso sonke isikhathi, yingakho ngingathathi izinqumo ezingajulile. Kufanele ngibize umdlali ozofika nomehluko uma ngimfaka esuka ebhentshini.
“Angeke kusebenze ukufaka umdlali onebhola elifanayo nomdlali engimkhiphayo ensimini. UMabasa ungumdlali ongahlukile kuFoster no-Iqraam. URayners uyawashaya amagoli noLyle ubewabhakuzisa kwiPremier League.
“Ngiyazi kunzima eqenjini nasezintathelini ukwamukela ukuthi uMabasa akekho esikwatini. Angeke ngisishintshe isikwati njengamanje,” kusho uBroos ekhuluma esithangamini nabezindaba eDobsonville Stadium ngoMsombuluko.