Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usephumele obala ngesifiso sokuqinisa uleft back wakhe ngoba ‘ubesebenza ngokukhona’ kule sizini.

Lo mqeqeshi kuqale isizini esebenzisa uBradley Cross ku-left back, waqhubeka wamsebenzisa ngisho sekubuye umdlali owasayiniswa ekuqaleni kwesizini uBongani Sam ohlushwa ukulimala.

Omunye umdlali osevame ukusetshenziswa kuleft back wuThatoyaone Ditlhokwe noma indawo ayidlalayo kahle hle kuwu-left centre back obanjwe wu-Rushwin Dortley. UHappy Mashiane naye usebuye anikezwe amaminithi enkundleni kodwa uNabi uthi ufuna umdlali ozoyiphendula eyakhe le ndawo.

“Uma kuvela ithuba lokuqinisa isikwati uma sekuvulwe iwindi, sibona sisemine esihle ukukwenza lokho,” kusho uNabi.

“Uma ngenze isibonelo nje, kumele ngabo sine-left back ekhethekile, noma ekhona idlala khona njengamanje futhi udlala kahle kodwa udlala ngoba simfice ekhona. Sathi ‘asimzame sibona wenza kanjani’.

“Kodwa ekugcineni njengoba sesibhekene ekupheleni kwesizini ngibona sinabadlali abanele ukwenza kahle.”

Lo mqeqeshi uqhube wathi isifiso sakhe ukuhlale edlala ibhola elihlaselayo elinesivinini kodwa akanabo abadlali abanele ukudlala uhlobo lwebhola alubona lufanele iChiefs.