Umqeeqshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro useveze isizathu esimenza angayiphenduli imibuzo ngoMonnapule Saleng okungaziwa kwenzakalani ngaye njengoba eqiwa yimidlalo.
USaleng usadlale kathathu kuphela kwiBetway Premiership kule sizini obekulindeleke ukuthi ashaye into ecokeme kuyo ngenxa yendlela ayiqale ngayo.
Sekuvele imibuzo ngokungabonakali kwakhe eqenjini njengoba kunezinsolo zokuthi akaneme ngokuthile. Ngemuva kwesibhaxu sika 4-1 iPirates eyasithola kwiSundowns iphinde yabuya imibuzo ngokungabonakali kwalo mdlali.
IBucs ike yakhipha isitatimende ichitha imibiko ethi ubefunwa yiqembu laseMiddle East.
Ebuzwa ngalo mdlali kuleli sonto uRiveiro ubeke kanje:
“Uzamile kodwa angiyenzi leyonto. Angikhulumi ngesimo sabadlali bami, yinto yangasese,” kusho uRiveiuro ephendula intatheli, ngokombiko weSABC Sport.
“Uma iqembu selifuna ukukhuluma ngokuthi yibaphi abadlali abalimele nokuthi balimele isikhathi esingakanani lizokwenza.
“Akuyona ingxenye yomsebenzi wami. Akuyona into enobuntu. Ngiyazi kungaba mnandi ukwazi ukuthi usesondele kangakanani ekubuyeni u-Olisa Ndah noma uGoodman Mosele, nokuthi kwenzekani ngoSaleng, kodwa ngeke nginazise.”
Njengoba abadlali beBucs belungiselela ukubhekana neBaroka kusasa, uSaleng kuleli sonto kusabalale izithombe zakhe esepulazini okuthiwa ngelakubo.