Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uphendule imibuzo ngekusasa lika-Edson Castillo kuleli qembu, uthi usemqumele ugwayi katiki.
UCastillo uqale umdlalo wakhe wokuqala ngaphansi kukaNabi ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns ngempelasonto. Lo mdlali ube nomdlali ongcono uma kuqhathaniswa neminye imidlalo yakhe yangesizini edlule.
Echaza kabanzi ngezinga lakhe uNabi, uthe usazama ukumbuyisela kwizinga azethula ngalo kuMakhosi.
“UCastillo uqale kahle ngesizini edlule, kodwa wehla ngokuhamba kwesikhathi, mhlawumbe uphazanyiswe yisimo seqembu, kwehle ukuzethemba,” kusho uNabi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Okwamanje akakabuyi loCastillo esimfunayo. Uwumuntu olungile, ngiyamhlonipha. Sengizamile ukumsiza ubuyiswe ukuzethemba, kancane kancane. Udlale kangcono koweSundowns uma uqhathanisa nomdlali wakhe wokugcina.
“Ngimnikeze ithuba kodwa ngeke abe maningi ngoba nginomsebenzi engiwubekelwe (wokusiza iqembu). Ngicabanga ukuthi uma engabuyisa ukuzethemba, uzodlala kangcono.”
Abadlali beChiefs basazohlala amasonto amane bengalithinti njengoba kuzodlalwa owamanqumu weMTN8 ngoMgqibelo, bese kuyiwa ekhefini leFIFA. IChiefs isiyoze idlale ekupheleni kwenyanga ezayo, ngo-October 26 uma isibhekene neSuperSport United ePeter Mokaba Stadium.