Ibhantshi ligcine ligcwale umoya kumqeqeshi odabuka eSpain, uPablo Franco Martin, obekungamhambeli kahle kuMaZulu FC.
AmaZulu amemezele izindaba zokuxoshwa kwakhe nephini lakhe ngoMsombuluko ebusuku.
UPablo unikezwe lo msebenzi kulandela ukuxoshwa kukaBrandon Tryer naye owafika washaya udaka kuleli qembu ngemuva kokuthatha izintambo kuRomain Folz.
Kule sizini Usuthu bese luxetshulwe kathathu emidlalweni emithathu, okulubeke kunombolo 16 kwilog yeBetway Premiership. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uSandile Zungu ethenga leli qembu wakubeka obala ukuthi afuni ukuphinde alibone litabalasela ngasezembeni.
Njengoba sekudedelwe uPablo, kulindeleke ukuthi uVusumuzi Vilakazi athathe izintambo eqenjini elikhulu. Nakanjani umqeqeshi ozolandela uzobekelwa umbandela wokubeka iqembu kwitop 4 okungenani.
✍️🏾 𝗖𝗟𝗨𝗕 𝗦𝗧𝗔𝗧𝗘𝗠𝗘𝗡𝗧 🟢
— AmaZulu FC (@AmaZuluFootball) September 30, 2024
RE: The departure of Head Coach Pablo Franco Martin and Assistant Aitor van den Brule.#Isagila#HebeUsuthu#UsuthuTogether pic.twitter.com/LGWjcWgyGX
Khonamanjalo, ezinkundleni zokuxhumana abalandeli abaningi bafuna kubuyiswe uBenni McCarthy kuleli qembu njengoba wagcina eshaye into ecokeme kulo elifaka kwiCAF Champions League.