Ukapteni waMaZulu FC, uRamahlwe Mphahlele, uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bayinqobela uBonginkosi Ntuli iCarling Knockout.

UMphahlele ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo izolo.

UNtuli ushone ngoLwesine ngesonto eledlule ngemuva kokuxinwa ukugula okulandele umdlavuza onamandla. 

UMphahlele uthe yonke imidlalo elandelayo izodlalelwa ukuhlonipha uNtuli.

“Sizoyinqoba iCarling sikulethele yona eCato Ridge. Mnumzane uNtuli, angilwazi usizi lokulahlekelwa indodana. Nakuwe Sne, angeke ngilwazi usizi lokuphucwa umuntu omthandayo. Ngicela nizame ukukhuleka kulesikhathi esinzima,” kubeka uMphahlele. 

UMphahlele uchaze uNtuli njengesosha ebelilwela iqembu. 

“Silahlekelwe ubhuti obesishayela amagoli. Angazi ukuthi uMnumzane Zungu uzomthola kuphi omunye umgadli onjengaye. Ulale ngokuthula bhuti wami,” kusho lomdlali. 

Usuthu luzobhekana neGolden Arrows emdlalweni weDSTV Premiership ngeSonto.