Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt uthi ubona bephuthelwe amaphuzu amathathu ngenxa kanompempe emdlalweni weDSTV Premiership nePolokwane City. 

Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 e-Old Peter Mokaba Stadium, iSuperSport yaphuthelwa ithuba lokuqhwakela esicongweni seligi ngemuva kweMamelodi Sundowns enemidlalo emithathu esesandleni. 

U-Etiosa Ighodaro ubeke iSuperSport phambili ngomzuzu ka-77. Kuphele ukujabula iRise and Shine isilinganisa ngemuva kwemizuzu emine. 

UHunt ubebalisa ngephenathi abayincishiwe unompempe uTshidiso Mkhwanazi kanye negoli okube yi-offside. 

“Basincishe iphenathi, baphika negoli ngokuhlukana kweziwombe. Kuyihlazo okwenzekile, angilweli ukunqoba ngenkani. Kuyaphoxa kakhulu okwenzeke emdlalweni. Angeke ngibasole abadlali, nabo bakubonile okwenzekile. 

Angiyikholwanga indaba yephenathi. Kodwa ngiyavuma ukuthi siyeke amathuba okushaya amagoli. Unompempe uhlulekile ukulawula umdlalo,” kuchaza uHunt ekhuluma nabezindaba. 

UHunt uthi angeke bayinake indaba yeSundowns esahleli esicongweni yize isiqede inyanga ingadlali kwiDSTV Premiership.

“Angeke sizikhathaze ngeSundowns, siyiqembu elishoda ngabadlali, sizozama okusemandleni. Sizohlelela umdlalo ngamunye,” kubeka uHunt. 

ISuperSport inethuba lokuqhwakela esicongweni uma isibhekana neSekhukhune United ngeSonto (17:45). 

_________________________________________________________________________________________

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet 😉

+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar