USihlalo weCape Town City uJohn Comitis ukubeke obala ukuthi basazama ukusayinisa uKhama Billìat kodwa ubengakabaphenduli ngesicelo sabo.
UBilliat (33) ushiye kwiKaizer Chiefs ngesizini edlule ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe.
IChiefs yakhipha isitatimende icacisa ukuthi uBilliat waqala ngokuziba iqembu, maqede wanyamalala esebekelwe inkontileka entsha eNaturena.
Lomgadli akanalo iqembu okwamanje kanti sekubikwe kaningi ukuthi iCityzens imgaqele.
Ekhuluma no-Andile Ncube kwiMetro FM, uComitis ukuphikile ukuthi uBilliat ubejima neqembu.
“UBilliat akazange ajime nathi. Angikaze ngixhumane noKhama. Besilindele isinqumo sakhe mayelana neqembu azosayina kulo.
Ngicabanga ukuthi usabheka iqembu eMiddle East ngoba kunemali enkulu khona. Silinde ukuzwa impendulo yakhe,” kuchaza uComitis.
UComitis uthi ukushelwa kukaBilliat bekuhlanganiswa uLebogang Manyama oseyiphini lika-Eric Tinkler. UManyama udlale noBilliat kwiCape Town Spurs neChiefs kumasizini adlule.
“ULebo ukhulume noBilliat, yilokho engikwaziyo. Angeke siliyeke ithuba lokusayina uBilliat uma engumqemane,” kusho uComitis.
_________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
