Umdlali weWolves egijima kwiPremier League uMarshal Munetsi usezwakalise ukungenami ngokusala esikwatini seZimbabwe esizodlala kwi-2025 Africa Cup of Nations.
Lo mdlali oyinjini esiswini seThe Warriors wayeyiphela endlebeni kwiBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela ukudlala kwi-2026 FIFA World Cup. Kuzokhumbuleka ukuthi iZimbabwe iseqoqweni elilodwa neBafana Bafana, Egypt, ne-Angola.
Ngaphambi kokumenyezelwa kwesikwati ubelimele, kodwa usecacisile ukuthi ubengalimele ngendlela yokuthi usengaphuthwa yisigaba samaqoqo kwi-AFCON.
“Kubuhlungu ke lokhu. Kwakuyiphupho lami ukudlalela amaWarriours, ikakhulukazi kwi=AFCON,” kubhala uMunetsi ekhasini lakhe.
“Ngike ngalimala muva nje kwiWolves, iqembu laxhumana ne-association yaseZimbabwe yaziswa ukuthi ngiyalulama nokuthi ngingadlala kwi-AFCON.
“Ngeshwa asibange sisathinwa, kwathathwa isinqumo sokuthi ngingabizwa ngaphandle kokuxhumana nabi. Noma ngisezinhlungwini, ngizoleseka ngokuphelele iqembu futhi ngiyasihlonipha nesinqumo esithathiwe.”