Umqeqeshi weMali u-Eric Chelle akafunanga ukwanda emlonyeni yize bethole amaphuzu amathathu emdlalweni wokuqala wamaqoqo kwi-AFCON ebanjelwe e-Ivory Coast.
IMali iphunyuke kunzima iguqisa iBafana Bafana ngo 2-0 ngoLwesibili ebusuku.
Ama-Eagles abengaphansi kwengcindezi esiwombeni sokuqala ehlaselwa yizitha ezigeje nephenathi. IMali ibuye ngamandla esiwombeni sesibili, yathola amagoli amabili aqede amathemba eNingizimu Afrika.
Ekhulula nabezinda eKorhogo, uChelle uthe kumjabulisile ukunqoba kodwa kufanele bangazikhukhumezi abadlali ngoba kusasele imidlalo emibili.
“Ngiyababongela abadlali ngokunqoba umdlalo. Bekunzima esiwombeni sokuqala. Besingaphansi kwengcindezi kusaqala umdlalo.
“Sikwazile ukushintsha igiya esiwombeni sesibili. Umphumela ubuzoshintsha ukube iBafana ikwazile ukubasela enethini iphenathi eyitholile,” kuchaza uChelle ecashunwa abeCAF Online.
“Wonke amaqembu anethuba lokunqoba lomqhudelwano. Amaqembu agabe ngamaqhinga ahlukene. Angeke ngibalule iqembu lami njengezimfivilithi kuleliqoqo.
Sikwazile ukubuya namaphuzu amathathu kodwa kusengenzeka izinto eziningi. Kufanele siqedele umsebenzi emidlalweni emibili esele, kufuneka sizikhandle ngempela,” kuchaza uChelle.
IMali ihleli esicongweni kuGroup E ngomehluko wamagoli. INamibia ilandela endaweni yesibili njengoba iguqise iTunisia ngo 1-0 ngoLwesibili.