Kubikwa ukuthi akeneme eSaudi Arabia owayengumgadli weReal Madrid neLyon, uKarim Benzema, futhi usezama indlela yokubuyela emuva.
Iziko labezindaba i-ESPN libika ukuthi uBenzema (36) usehlebele imenenja yakhe eyicela ukuba imbhekele iqembu elisha e-Europe njengoba kusavulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Lomgadli usahlale izinyanga eziyisithupha kuphela kwi-Al Ittihad kodwa sekuvela ukuthi akasayithandi impilo kulelizwe.
Kuvela ukuthi i-Al Ittihad ayizimisele ngokudedela noma imdayise uBenzema oseshaye amagoli angu-15 emidlalweni engu-24 kulesizini.
Ukungagculiseki kukaBenzema eSaudi akuthusi kakhulu kwazise sekuvele nabanye abadlali abafuna ukushiya kulelizwe elicebe ngo-oyela.
I-Al Ittihad, evikela isicoco seligi, ithwele kanzima kulesizini njengoba ihleli endaweni yesikhombisa kwiligi.
UBenzema, osalelwe amasizini amabili kwinkontileka neqembu, uvika ukugxekwa abezindaba kulelizwe ngokubhacazela iqembu lakhe.
Kuvela ukuthi iChelsea yase-England ingelinye lamaqembu azimisele ngokusayina uBenzema uma kuvela ithuba.
UJordan Henderson ungomunye wabadlali osebalekile kulelizwe njengoba esesayine kwi-Ajax Amsterdam yaseNetherlands. UHenderson uzicelele ukukhululwa kwi-Al Ettifaq.