Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ushiye amazwi azokhulisa ukuzethemba kumdlali osemncane uMohau Nkota obeqala umdlalo wakhe wokuqala kweZimnyama ngoLwesibili.
UNkota (19) ube nomdlalo omuhle iBucs iguqisa iSuperSport United ngo 2-0 kumdlalo weligi. Ubengaphuma namagoli amabili kanti futhi ubeyingozi uma eqhamuka kwesokudla engena ngaphakathi, okwakhele iBucs amathuba okukora.
Noma edlale imizuzu ewu-65, uRivieiro uzwakale egculisekile ngendlela adlale ngayo ngemuva komdlalo.
“Ngijabule ngokuboni uMohau enkundleni, edlala ngendlela yakhe. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu ubonile ukuthi uwuhlobo luni lomdlalo,” kusho uRiveiro engxoxweni neSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Nibone uNkota namhlanje ngezinto ezinhle abezenza. Kunokunye asadinga ukukulungisa, ubeqala ukudlala imizuzu ewu-65 kodwa uzizwa esekhaya e-Orlando Stadium.”
Lo mdlali angase aphinde athole elinye ithuba lokuqala uma Ezimnyama sezitholene phezulu naMaZulu FC ngoLwesihlanu kuyo le nkundla.