Umqeqeshi weRoyal AM uKhabo Zondo uthi uSihlalo weqembu u-Andile Mpisane uzimisele kakhulu ngokuthuthukisa ibhola lakhe, okufakazelwa indlela azikhandla ngayo ejimini.
UMpisane ubekwe ebhentshini emdlalweni weligi beshaywa omakoti iRichards Bay ngo 1-0 eChartsworth Stadium izolo.
UZondo uthi uMpisane uyazikhandla ejimini.
Kuthuke inqwaba yabalandeli ngesikhathi kuvela ukuthi uMpisane uhlaliswe ebhentshini okokuqala kulesizini. Ukuhlulwa kweThwihli Thwahla kuyiqhelise esicongweni seligi, kwahlala iBay.
UZondo uthi uMpisane uzolithola maduzane ijezi futhi nabantu bazomangala uma sebebona ibhola elihle alidlalayo.
UMpisane, ojwayele ukuhamba nonina uShawn Mkhize bezobukela imidlalo yeqembu nabalandeli, usebonakale izikhathi eziningi eRoyal Ranch, ePietermaritzburg, lapho kujima khona iqembu.
“UMpisane usajima, angeke simjahe. Sizomnikeza ithuba lokuthi afinyelele ezingeni labanye abadlali. Uyingxenye yeqembu. Uyazikhandla ejimini, siyamgqugquzela ukuthi akajime ngamandla,” kubeka uZondo ekhuluma nabezindaba.
UMpisane useke wadlalela iRoyal Eagles ngaphambilini, isadlala kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ka-2018/19.
UMpisane uphinde wabonakala komunye umdlalo weRoyal AM ngesizini edlule. IThwihli Thwahla yashaya iSuperSport United ngo 2-0, UMpisane wangena sekuzophela umdlalo.
Yize kukhona abantu abagxeka uMpisane ngokuboza nangokuzimuka ngomzimba, uZondo uthi uchazekile ngendlela ajima ngayo lomdlali. Uthi isikhathi sokumbeka ebhentshini sizifikele.
“Asingajahi, sibale amatshwele ekubeni amaqanda engakachamseli. Asibone uma esethole ijezi uMpisane, sekungakhulunywa,” kubeka lomqeqeshi.