Owayengumdlali weKaizer Chiefs osegijima kuMaZulu, uRamahlwe Mphahlele, uthi Amakhosi azobe engaphansi kwengcindezi yokunqoba kulo mdlalo. IChiefs izobhekana noSuthu kwisemi-final yeMTN8 ngeSonto ngo-15:30 emlenzeni wesibili. Owokuqala waphele ngo 1-1.

UMphahlele ungene ohlwini lwabadlali abadedelwe yiChiefs ekupheleni kwesizini edlule, ngakho kuningi akwaziyo ngabadlali baleli qembu.

“Ngiyazi bazobe bengaphansi kwenkulu ingcindezi ngeSonto ngoba abalandeli bazobe belindele ukuthi bawunqobe umdlalo, ukuyinto engasisiza. Ngiyayazi ingcindezi yokudlalela iChiefs iyagqilaza, ngiyethemba izobaphazamisa ukuze sinqobe umdlalo,” kusho uMphahlele ohlale iminyaka eyisithupha kuMakhosi.

“Bayiqembu elikwaziyo kodwa ukunqoba imdlalo, bayakwazi ukulimaza noma iliphi iqembu ngakho nhgeke siwuthathe kancane umdlalo ngoba nakhu behluleke ukunqoba emdlalweni emibili edlule.”

UMphahlele uthi AmaZulu afanelwe ukubalwa kumaqembu amathathu amakhulu kuleli, okuyinto ezokwenzeka uma sebeqoqa izicoco.