Umdlali weManchester United, uCristiano Ronaldo, ushicilele isitatimende ecacisa ngokuthi usalihlonipha iqembu kulandela ukushiya kwakhe umdlalo ungakapheli ngesikhathi ezakhe ziguqisa iTottenham Hotspur ngoLwesithathu.

URonaldo wabonakala ephuma kusasele imzuzu emibili ngaphambi kokuthi uphele umdlalo, okuyinto esigxekwe yinzinkakha eziningi ebholeni. Abanye umunwe bawukhomba kubaphathi beqembu ngokuhluleka ukudayisa lo mdlali ocele ukudedelwa kuphela isizini edlule. Kule sizini uRonaldo uwumngani nebhentshi njengoba imdlalo emningi imeqa, kweminye ungena esuka ebhentshini.

“Njengoba bengihlala ngenza nakwamanye amaqembu, ngiyazama ukwenza yonke into ngokuhlonipha ozakwethu, abeluleki bami kanye nabaqeqeshi. Akukashintshi lokho. Angikashintshi…” kusho uRonaldo estatimendeni.

“Ngiqale ukudlala ibhola ngisemncane, abadlali abadala babebalulekile kimina. Ekukhuleni kwami nami ngizama ukuba yisibonelo esihle kubadlali abancane kuwo wonke amaqembu esengike ngawadlalela. Ngeshwa lokho kubuye kungenzeki kwesinye isikhathi ngenxa yokuhluthuka kwenhliziyo.

“Njengamanje ngizoqhubeka ngisbenze ngokuzikhandla eCarrington, ngeseke ozakwethu.”

Njengendlela yokumjezisa, iMan United ithe lo mdlali ngeke abe yingxenye yeqembu elizobhekana neChelsea kule mpelasonto.