Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola usephendule inkulumo yomgadli wakhe othi uzocabanga ngekusasa lakhe kuleli qembu.

EzikaPep azikenzi lutho olutheni kwimakethe yokusayinisa abadlali abasha kodwa kubukeka zizoshiywa ngomunye wabadlali ababalulekile.

Umgadli wase-Argentina, uJulián Alavarez usezwakalise ukungenami ngokukhuhliswa ibhentshi uma kudlalwa imidlalo ebalulekile.

“Ngizizwa kahle kwiCity. Sizobona ukuthi kwenzekani ngemuva kwama-Olympics,” kusho yena ebuzwa ngekusasa lakhe eParis.

“Mhlawumbe kuyangicika kancane ukubekwa ebhentshini emdlalweni ebalulekile. Abadlali bahlale befuna ukusiza iqembu enkundleni…kodwa ngibe nesizini enhle, ngakho ngijabule,” kusho yena.

Lo mdlali uqhube wathi usazocabanga ngekusasa lakhe, okuyinto ephendulwe wuPep kanje: “kulungile akacabange…uzosazisa ukuthi ufuna ukwenzenjani. UJulián udlale inqwaba yemidlalo ngesizini edlule. Ufuna eminye? Kulungile…akacabange. Uma esecabangile wanquma, uzosazisa.”

U-Alvarez kubikwa ukuthi ufunwa yi-Atletico Madrid ngo-£60m. Kuthiwa iCity ifuna okungenani u-£75m eqenjini elifuna ukumsayinisa.

Lo mgadli uvalele amagoli awu-11 emdlalweni ewu-36 kwiPremier League ngesizini edlule, wavelela amahlanu emdlalweni eyisikhombisa kwiChampions League.

Uma ehamba, iCity izodinga ukuvala isikhala sakhe njengoba kubuye kungamhambeli kahle phambili u-Erling Haaland.