Umdlali waMaZulu uBen Motshwari ukholwa ukuthi bangakwazi ukudlalisana ne-Orlando Pirates abazobhekana nayo emdlalweni weDSTV Premiership eMoses Mabhida Stadium namhlanje.
AmaZulu akhiphe iKaizer Chiefs kwi-last 16 yeCarling Knockout eyishaya ngo 1-0 eFNB Stadium ngoMgqibelo.
UMotshwari, obolekiswe oSuthwini esuka kwiBucs, uthi bangalihlula leli qembu elisanda kunqoba iMTN 8.
“Sikholwa ukuthi singayihlula iBucs namuhla kwazise siwunqobile umdlalo wangempelasonto. Ukunqoba lowomdlalo kunyuse ukuzethemba kubadlali,” kusho uMotshwari echazela abeSowetan.
Lomdlali uthi ukugqunywa ebhentshini kwiBucs kwamehlisela ukuzethemba. UMotshwari uthi ukudlaliswa umdlalo wonke bebhekene neChiefs kubuyise ukuzethemba.
“Ukungadlali isikhathi eside kulimaza ukuzethemba. Bengiqala ukuqeda umdlalo esikhathini eside ngesikhathi sibhekene neChiefs. Lokho kungikhuthazile njengoba sizobhekana nePirates emdlalweni olandelayo,” kuchaza lomdlali.
UMotshwari uthi ulindele umdlalo onzima kwiBucs njengoba isefomini enhle kulezinsuku. Lomdlali uthi bayayazi indlela iBucs edlala ngayo.
“Kuzoba nzima ukudlala neBucs ngoba basefomini enhle futhi banqobe neMTN 8. Siyazi ukuthi badlala ngayiphi indlela. Bayashesha, baphaselana ibhola ngokushesha. Baphasa ibhola ezikhaleni ezishiywe izitobha, sizozama ukubheka lokho,” kubeka uMotshwari.