Umdlali weMamelodi Sundowns uTebogo Mokoena uthi kufanele baqinise kakhulu ekunqobeni imidlalo yasekuhambeni uma bedlala imiqhudelwano yase-Afrika.
UMokoena uthi ukunqoba ekuhambeni kuzobanikeza ithuba elihle lokunqoba i-African Football League (AFL) neCAF Champions League.
IDowns iphunyuke ngembobo yenaliti ishaya iPetro de Luanda ngo 2-0 emdlalweni womlenze wokuqala we-AFL obubanjelwe eStade de Novembro ngoMgqibelo.
AmaBrazilians athwelwe ngeqoma lokudlulela kuma-semifinals njengoba eqedele umsebenzi ekuhambeni. Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa eLoftus Versfeld Stadium namuhla ebusuku.
“Umqeqeshi usitshele ukuthi sijwayele ukudlala kahle uma siqale ngokuzimisela ekuhambeni.
“Siwenzile umsebenzi ekuhambeni. Kufanele siqedele umsebenzi namuhla. Silindele umdlalo olukhuni kodwa sizoqhubeka lapho esigcine khona,” kusho uMokoena obekhuluma esithangamini nabezindaba izolo.
UMokona (26) uthi ufuna ukusiza iDowns igcine iyiqukulile indebe yase-Africa kwazise bakhishwa kuma-semifinals eChampions League ngesizini edlule.
“Izinga lami likhuphukile uma ngiqhathanisa nalapho ebengidlala khona eminyakeni eyedlule. Indlela yokucabanga ishintshile ngoba sengidlala eqenjini elihlukile.
Ngijabule kakhulu eqenjini. Kunzima khona ngoba umbango wejezi ushubile. Lokho kuyasigqugquzela ukuze sizowina.
Sifuna ukwenza kangcono. Angijabule ngoba ngazithembisa ukunqoba iChampions League ngesikhathi ngisayina,” kuchaza uMokoena.