Usomaqhinga weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Junior uthi baqinise isikwati ezindaweni ezimqoka ngaphambi kokuqala kwesizini entsha, kodwa basabheke ukusayinisa abanye abadlali.
IChiefs izoqala isizini entsha ngomdlalo neStellenbosch FC kusasa ngo 17:30, e-Athlone Stadium ezobe igcwele phama.
Amakhosi asayinise abadlali okubalwa kubo oFlavio Silva, Ethan Chislett, Nkanyiso Shinga, noSiphesihle Ndlovu.
“Sikholwa wukuthi siqinise iqembu ezindaweni ezimqoka, kodwa siyazi ukusayinisa abadlali yinto esaqhubeka.
“Kuzobaluleka ukuthi siqale ngonyawo oluhle, ngoba uma sekuqhubeka isizini imidlalo izophuthuma njengoba kuseza ikhefu le-afcon ngoDecember, kanti nangonyaka ozayo kuneWorld Cup.
“Sizodlala nakwiCAF Confederation Cup,okusho ukuthi sizobe simatasa kule sizini.”
Ekhuluma nezintatheli kuleli sonto umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi uphumele obala ngemizamo yokuthola umgadli kubaphathi bakhe. Wavuma ukuthi babheka u-Etiosa Ighodaro nomunye umgadli angamdalulanga, ethi engathanda ukuthola oyedwa wabo.