Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi akakhathezekile kakhulu ngokulahla amaphuzu ngemuva komdlalo wokuqala weligi abathole kuwo uswazi luka 1-0 kwiSekhukhune United.

ISekhukhune inqobe ngegoli elivalelwe wuSiphesihle Mkhize esiwombeni sesibili. IBucs ibilokhe ishoshela phambili kodwa ihluleke yancama ukugqobhoza udinga kweSekhukhune. Ekhuluma ngemuva komdlalo u-Ouaddou uthe zisasuka ngakho akukho okubalahlekele.

“Zisasuka, asikalahlekelwa yilutho,” kusho yena exoxa nabeSuperSport TV.

“Iqembu lidlale kahle. Besihlelekile, sakha inwwaba yamathuba futhi sidlale ibhola elihle. Asiqhubeke nokukholwa.

“Nibonile indlela abadlale ngayo, into esishode ngayo yigoli. Yah sishaye ipali, kwesinye isikhathi sishode nge-pass yokugcina, sangakwazi nokuvalela amathuba. Asibheke umdlali olandelayo kodwa.”

IPirates ngoLwesibili izobhekana neMarumo Gallants eqale nge-win ka 2-1 ubhekene neRichards Bay FC.