Owayeyisekela likamqeqeshi kwiBafana Bafana uThabo Senong uthi iMamelodi Sundowns iyona elahlekelwe ng uRulani Mokwena.
NgoLwesithathu, iSundowns iqinisekise izindaba zokugqashuka kwefindo noRulani okubikwa ukuthi ubeyinkukhu nempaka noFlemming Berg ongusomaqhinga.
Isitatimende sicacise ukuthi lomqeqeshi udedelwe ngoba ehlulekile ukufeza eminye yemibandela ebishicilelwe kwinkontileka yakhe.
USenong uthi bazoshayeka kakhulu abaqeqeshi abasebancane ngokweminyaka.
“URulani uyisibonelo esihle ebholeni laseNingizimu Afrika. Uqhakambisa impumelelo ngezindlela ezahlukene. Okumangaza kakhulu ngempumelelo yakhe ukuthi akazange alidlale ibhola ezingeni eliphezulu, uyafana noJose Mourihno.
“URulani uyisibonelo kubaqeqeshi abasebancane. Ukuzimisela kwakhe kuyakhombisa ukuthi abaqeqeshi abasafufusa bangakwazi ukuphumelela uma benikezwa ithuba. URulani uzibonakalisile ecija iMamelodi Sundowns.
“Ibhola elidlalwe yiSundowns belimangaza. Amaphuzu abawaqoqile ababeke ebaleni, bekuqala ngqa ukuthi oshampeni beligi bavule igebe lamaphuzu angu-23,” kuchaza uSenong ecashunwa abeSABC Sport.
USenong uthi lomqeqeshi uzolithola kungekudala iqembu elisha.
“Ilahlekelwe kakhulu iMamelodi Sundowns. Bazozisola ngokuhamba kwesikhathi. Ngicabanga ukuthi inqwaba yamaqembu aseNorth Africa azomfuna. Ngimbona ezofuneka kakhulu e-Afrika.
“Ngimufisela okuhle kodwa uRulani. Ibhola linjalo, abaqeqeshi bahlezi bexoshwa. Ngiyathemba uzolithola iqembu elisha ngokuhamba kwesikhathi,” kubeka uSenong.