Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi akambizanga uPercy Tau esikwatini esizodlala kweyokuhlungela i-AFCON yango-2025 ngoba akekho esimeni esihle ngokomqondo.

IBafana izokwamukela i-Uganda emdlaweni wokuqala e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu. EzikaBroos zizobhekana neSouth Sudan emdlalweni wasekuhambeni ozobanjelwa eJuba Stadium, ngoLwesibili.

UTau akasitholanga isikhala esikwatini esiwujuqu yize wayebaliwe ohlwini lwabadlali abangu-38 abamenyezelwa emasontweni adlulile. 

“Umdlali uyasazi isizathu esimbeka ngaphandle, akanayo inkinga nalokho. Ngibona kuyinto enhle ukuthi akajabule ngokungabizwa esikwatini ngoba kuyamveza ukuthi uyakuthanda ukudlalela iBafana Bafana,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba eDobsonville Stadium ngoMsombuluko.

UTau wagxekwa kakhulu abalandeli abamsola ngokushaya udaka kwi-Africa Cup of Nations eyayibanjelwe e-Ivory Coast ngonyaka odlule. UBroos ukholwa ukuthi uTau kwamphazamisa ukugxekwa.

“Ngayibona indlela ayegxekwa ngayo ngemuva kwe-AFCON, lokho kungamphazamisa umdlali. Nginolwazi ngalokho ngoba ngagxekwa ngisewumdlali, namanje ngiyagxekwa noma sengiwumqeqeshi. 

“Kungenzeka ukuthi ukugxekwa akumphazamisi kodwa kusekhona nesimo saku-Al Ahly. Indaba yakhe ne-Al Ahly ayicacile kahle. 

“UTau ubengadlali kwi-Al Ahly emasontweni amane adlule. Unenkinga eqondene nomqeqeshi, lokhu ngikufunde kumaphephandaba. Angikholwa ukuthi ubezobe eyilungele ngokomqondo imidlalo emibili ne-Uganda neSouth Sudan.

“Naye uyazazi ukuthi akekho esimeni esihle ngokomqondo. Anginankinga nomdlali ongakwazi ukwamukela ukuthi akabizwanga, lokho kukhombisa intshisekelo anayo yokudlalela iBafana. Uzobuya esikwatini uma sezilungile izinkinga zakhe. Ngibona esethubeni lokubuya ngo-Okthoba kodwa sizobona ngokuhamba kwesikhathi,” kubeka uBroos.