Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates uJose Riveiro usecele izikhulu zeqembu ukuthi zibuyekeze isinqumo sokudedela uThabang Monare.
Ngenyanga eyedlule, iBucs ikhiphe isitatimende icacisa ukuthi uMonare useshiyile eqenjini ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zenkontileka.
Umthombo othembekile ongaphakathi kwiBucs uveza ukuthi uMonare usayine inkontileka yonyaka owodwa neqembu. Kuvela ukuthi uRiveiro uyena ocebise iqembu ngokushintsha umqondo ngalomdlali.
“UMonare usebuyile eqenjini. URiveiro ubebukela imidlalo yePirates yangesizini ephelile, kanti uchazekile ngoMonare njengoba ebembona emidlalweni eminingi. Ucele iqembu ukuthi limgcine.
Usayine inkontileka yonyaka owodwa kwiPirates. URiveiro ubona isipiliyoni sikaMonare sibalulekile, ngoba akanaso isiqinisekiso sokuthi abadlali abasha bazosheshe bajwayele eqenjini,” kusho lomthombo.
UMonare (32) ubonakale emidlalweni engu-25 kwiSea Robbers ngesizini edlule.
NgoLwesihlanu, uMonare ushiye umbhalo omangazayo ekhasini lakhe kuTwitter, wanameka isithombe sakhe egqoke ijezi lePirates. Ubhale nokuthi “Once and Always”.
Oyisikhulu seBucs uFloyd Mbele uthe akanalo ulwazi ngoMonare ngoba usahlabe ikhefu emsebenzini.