Isitobha esisha seSuperSport United uThulani Hlatshwayo uthi ukuqina kwabadlali basemuva kumnikezela intshisekelo yokulwela indawo yakhe eqenjini.
UTyson usayine inkontileka yonyaka owodwa, enombandela wokwelulwa ngomunye unyaka.
UHlatshwayo (32) ukhululwe yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini ka-2021/22. Usebuyelene nomqeqeshi wakhe wakwiBidvest Wits uGavin Hunt. UHunt noTyson basebenze amasizini ayisithupha kwiWits, banqoba iligi ngo-2017.
UHlatshwayo ubeke kanje ngemuva kokusayina neSuperSport:
“ISuperSport United iyiqembu elijwayele ukunqoba izindebe, ngiyathemba ngizokwazi ukudlulisa isipiliyoni enginaso kubadlali abancane, kuzofanele ngizikhandle nasejimini.
Umbango wejezi ushubile eqenjini, okuyinto enhle kubadlali njengoba kubagcina bebumbene, ngizoyilwela indawo yami,” kubeka uHlatshwayo.
UHunt uthi ukusayinisa umdlali onesipiliyoni sikaHlatshwayo kuzolisiza iqembu.
“Ukusayinisa uHlatshwayo kuyinto enkulu eqenjini, unesipiliyoni esikhulu. Ubengukaputeni weBafana Bafana futhi ebambe nebhande likakaputeni,” kusho uHunt.