Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi kwenze umsebenzi wakhe waba lula ukubona abadlali bakhe bezinuka amakhwapha ngesikhathi sekhefu emdlalweni wabo neChippa United ngoMgqibelo.
ISundowns igcine inqobe lo mdlalo ngo 2-0 kade ihamba phambili ngo 1-0 ngesikhathi sekhefu kodwa uMokwena uthi wayenganeme neze ngendlela abadlala ngayo esiwombe sokuqala.
“Kwavele kwaba lula ngesikhathi sekhefu, yikho ngifuna ukubonga abadlali, ngoba ngaphambi kokuthi sikhulume base bevele bekhuluma ngezinto abangeneme ngazo. Ngaphambi kokuthi sibeke uvo lwethu njengabaqeqeshi, base bevele beqalile, okuyinto emangalisayo.
“Ngifisa nokubabonga ngokungeseka kuleli sonto ngoba bekuyisonto elinzima kimina, kodwa bangesekile.”
URhulani uqhube wancoma nabaqeqeshi beSundowns ngezinguquko abazenzile esiwombeni sesibili ethi bonke abadlali abangenile bangene bashaya umsebenzi oncomekayo.
_________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Uphinde uthole noR50 ngokubhalisa ngelink engenzansi.
Nakhu okunye ongakuthola:
+50 Free Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar