Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ushayele abadlali bakhe ihlombe ngokuphula irekhodi lePSL ngokunqoba imidlalo ewu-32 kulandelana.

ISundowns ibe yiqembu lokuqala emlandweni wePSL ukuzuza lokhu izolo kulandela ukushaya iStellenbosch FC ngo 3-1 koweDStv Premiership.

“Ngiyabongela abadlali nabasebenzi beqembu ngerekhodi lemidlalo ewu-32 singashayiwe kulandelana. Akukholakali, ngiyaziqhenya ngabo. Ngiyababongela nangokunqoba umdlalo obungelula,” kusho uRulani ngemuva komdlalo.

Lo mqeqeshi uqhube wancoma abadlali bakhe ngokukwazi ukudlala ezingeni elilindelekile ngaso sonke isikhathi, ngisho abadlali abangajwayele ukuqala imidlalo.

Ngaphandle kwerekhodi lokunqoba imidlalo ilandelana, umdlali weSundowns uSiyabonga Mabena naye uqophe umlando eba wumdlali omncane kunabo bonke ukukorela iSundowns kwiPSL emlandweni wayo.

____________________________________________________________________________________________________

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet ๐Ÿ˜‰

+50 Spins on any pragmatic slots! โฌ†๏ธ

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje:ย https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar