Ukhale ngamaphutha abadlali bakhe uBrandon Truter iSekhukhune iguqiswa yiKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu.
“Bakore ngamaphutha ethu amabili. Elokuqala kube yiphutha likanozinti. Kwelesibili besizama ukuxosha ibhola emuva, balibuyisela ebhokisini bakora. Ngaphandle kwalokho, sidlale kangcono kakhulu kunabo. Besazi sifuna ukwenzani ngokwamaqhinga,” kusho uTruter.
Uthe ngokwakhe bebengabuya noma okungenani ngephuzu ngoba bakhe amathuba angcono kuneChiefs.
“Bashaye bengaphandle kwebhokisi, sabavala, sakhe amathuba okukora angcono kunabo kodwa sizozama ukwenza kangcono emdlalweni olandelayo.”
ISekhukhune kule mpelasonto izobhekana neSaint Eloi Lupopo yaseDR Congo emlenzeni wesibili weCAF Confederations Second Preliminary Round ngeSonto ngo-16:30 ntambama.
Uma ibuya eCongo izobhekana neGolden Arrows engabhenywa kulezi nsuku.
____________________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
