Ukapteni we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge (DDC) uJabulani Mokone ukholwa ukuthi kusafanele aphucuke ezintweni ezimbalwa ngaphambi kokukhuphukela eqenjini elikhulu. 

UMokone, ovotelwe eqenjini lePSL All Star elishaye iStellenbosch ngo 2-1 ngempelasonto, uthi angeke alibalekele ithuba lokudlala nabadala uma engakhushulwa. 

UMokone, oyibamba kwesokudla emuva, unconywe abalandeli abaningi ngebhola elihle alikhombise kulomdlalo. 

Lomdlali uthi ukuba yingxenye ye-All Star bekuyithuba elihle empilweni yakhe. 

“Ngiyabonga ngethuba lokudlala. Ngibonga kubalandeli abangivotelile. Ukubhekana neqembu elikhulu ekubeni ngilekelelwa abadlali abanesipiliyoni kuyisipiliyoni esizongisiza. 

Bengijabule emdlalweni. Ngibonga kubadlali abadala nabaqeqeshi abaqinisekisile ukuthi angeke sisabe ukwenza amaphutha emdlalweni. 

Lomdlalo ufana nohambo oluzongiholela eqenjini elikhulu. Nginethuba lokufika eqenjini elikhulu ekuhambeni kwesikhathi, kodwa kuseningi okusafanele ngikufunde,” kuchaza uMokone ekhuluma nabezindaba. 

UMokone uthi ukuhlanganiswa kwabadlali beDSTV Premiership kanye nabeDDC kuzogqugquzela abadlali abasebancane ngokweminyaka. 

“Sibukela kubadlali abadala, sinamaphupho okudlala nabo. ICarling Cup isinikeze ithuba lokufeza amaphupho,” kuchaza uMokone.