Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos useveze ukuthi uMothobi Mvala uzoba yingxenye yeqembu elizodlala kwi-Africa Cup of Nations eCôte d’Ivoire noma engakalulami ngokuphelele.
UBroos wadalula izindaba ezingezinhle ngoMvala ngoLwesibili, edalula ukuthi uMvala kungenzeka ashiywe ekhaya ngoba exinwa ukulimala.
Lomqeqeshi uthi useshintshe umqondo kulandela ingxoxo nethimba lodokotela elihlole uMvala.
“UMvala uzohamba neqembu ngoba ithimba lodokotela lisinikeze isiqinisekiso ngesimo sakhe,” kuchaza uBroos ecashunwa yi-website yeSAFA sekuphele umdlalo wobungani neLesotho ophele ngo 0-0 izolo.
Udokotela weBafana uDr Tshepo Molobi uqinisekise ukuthi uMvala uzoba yingxenye yesikwati kwi-AFCON kodwa isimo sakhe sizohlolwa ngokucophelela.
“Kujwayelekile ukulimala kwabadlali emakhempini amaqembu esizwe. Simhlolile uMvala, sabona kungcono ahambe neqembu lesizwe. Isimo sakhe sizoqhubeka nokusihlolisisa.
“Uzohamba neqembu eCote d’Ivoire, sizoqhubeka nokumqapha siyithimba lodokotela. Kunabadlali abadinga ukuhlolwa okukhona kubo uRonwen Williams noThemba Zwane,” kuchaza uMolobi.
IBafana izoqala ngokubhekana neMali ngo-16 kuJanuary kulo mqhudelwano.