MHLELI: Ngicela ukusika kwelijikayo odabeni lokuxoshwa kukaMolefi Ntseki kwiKaizer Chiefs ozidonsele amanzi ngomsele ngokwamukela isikhundla sokuqeqesha Amakhosi.
UNtseki wahluleka ingcaca kwiBafana Bafana. Ngethuka kabi ngizwa kuthiwa lo mqeqeshi usethole umsebenzi kwiKaizer Chiefs. Nokho ngoba umsebenzi wakhe wawugxile kwinkulisa, abaningi abakhalazanga kodwa imibuzo yaqala ukuvela kulandela ukubhacaza kuka-Arthur Zwane ngesizini edlule abaningi bekhala ngokuthi ushoda ngamava.
Angazi ke ukuthi abaphathi beChiefs basuke kanjani kumqeqeshi ongenamava okupheka iqembu elikhulu kuleli, noma kwelinye ize, yakhetha ukulanda omunye ongenamava.
Uma ekhuluma uNtseki uyamuzwa yena ukuthi ibhola uyalazi futhi nokuqeqesha nakanjani uyakwazi ngoba zikhona izinguquko afike nazo, inkinga nje azanele. Iqembu lakhe lingaphansi kwamaqembu amaningi kwiPSL uma sikhuluma ngokuphekeka kahle. Buka iGolden Arrows, Cape Town City, Stellenbosch, Polokwane City (namanye) amaqembu anendlela yokudlala ecace BHA. Ngalokho angisho ukuthi lawa maqembu azolwela isicoco seligi, cha, anendlela yokudlala ekhombisayo ukuthi kuyasetshenzwa futhi imiphumela yaleyo msebenzi iyabonakala enkundleni.
Uma ubuka i-Orlando Pirates, umqeqeshi wayo washeshe wabona ukuthi kunenkinga yendlala yamagoli, kwabonakala ukuthi cha uzama ngempela ukuyixazulula, kwaze kwalunga. Namanje ngisho iPirates ingakoranga emdlalweni, umdlalo uphela uwabalile amathuba amahle. IChiefs inenekinga enkulu phambili selokhe kwahamba uSamir Nurkovic, naye owashaya into ecokeme isizini eyodwa.
Bonke abagadli ebalandle ngemuva kwakhe kodwa bayahluleka phambili. Akekho nomdlali okwazi ukwakha amagoli. Balande inqwaba yabadlali abahlaselayo kodwa bonke bayahluleka ukudlala into ehlangane ehambisana namagoli. NoNtseki ke imhlulile le nkinga. Nomqeqeshi olandelayo uma ehluleka ukuxazulula inkinga yamagoli, esihlale iminyaka kwiChiefs, naye uzoba nesiphetho esifanayo nesikaNtseki.
Abadlali beChiefs abahlaselayo kufanele bazinuke amakhwapha ngokuboza kwabo phambi kwepali ngoba yibo abaxoshisa abaqeqeshi manje.
Thangithini Madlala