Ukufunelwa indawo esiswini akumxaki umdlali weMamelodi Sundowns u-Aubrey Modiba ogcizelela ukuthi uzodlala noma yikuphi lapho umqeqeshi uManqoba Mngqithi amsebenzisa khona. 

Kumangale inqwaba yabalandeli uModiba eqaliswa esiswini emdlalweni weMTN8 bebhekene nePolokwane City emasontweni amathathu adlule. 

UModiba wayibamba noMarcelo Allende noTebogo Mokoena kulomdlalo owanqotshwa yiDowns ngo 1-0 esikhathini esengezwe unompempe.

UModiba usethubeni lokuqhubeka esiswini IDowns izotholana neStellenbosch kwisemifinal yokuqala eLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu. 

Lomdlali, okwazi ukudlala emuva kwesokunxele nasophondweni kwesokunxele, ukubeke obala ukuthi akanandaba nokudlaliswa esiswini uma kufunwa uMngqithi lokho. 

“Ngikujwayele ukudlala esiswini. Ngiyidlalile lendawo emidlalweni ye-AFL (African Football League) ngesizini edlule. Bengidlala emuva kodwa ngingena ngaphakathi nenkundla uma siphethe ibhola. Ngikujwayele ukudlala esiswini futhi ngenze kangcono.

“Angeke ngiphikise umqeqeshi uma ebona ukuthi ngizolisiza iqembu endaweni ethize. Ngizimisele ngokudlala esiswini, ngifunda nsukuzonke ngokuyibamba esiswini. Ngiyakujabulela ukudlala maphakathi nesiswini,” kubeka uModiba ekhuluma nabezindaba eChloorkop ngoMsombuluko.

UModiba uthi ithimba labaqeqeshi limfundisile ngokufanele akwenze kulendawo entsha azoyidlala kulesizini. 

“Ngiyabonga kubaqeqeshi ngokungibonisa okufanele ngikwenze kulendawo engizoyidlala. Ngizozama ukuyijwayela ngoba izinququko ziyingxenye yempilo. Umqeqeshi wangichazela zibekwa ukuthi uzongidlalisa kwenye indawo. 

“Ngathwala kanzima ekuqaleni ngoba ngangizwisisi kahle okulindelwe kimi. Abaqeqeshi bangikhombisa okufanele ngikuqaphele kulendawo ngoba kwakungasekho ukubuyela emuva nesinquno. 

“Ngiyiqondile lendawo ngemuva kwemidlalo embalwa. Ngizamile ukubheka abanye abadlali abayidlalayo, ngifunde kubo. Ukuthenjwa abaqeqeshi kungenze nganyukelwa ukuzethemba ngoba ukugxekwa bekuzongiqeda amandla. 

“Bengiziqinisa ukhakhayi ukuze ngizobona izindawo okufanele ngizilungise, ikakhulukazi uma sekukhuluma nabalandeli. Kufanele uzimisele njalo eqenjini elikhulu ngoba abalandeli babukela yonke imidlalo,” kuchaza uModiba. 

Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.