UMnyango wezeMpilo ushaye ungqimphothe emuva kokukhipha isitatimende esithi izingane zesikole zingabe zisazigqoka izifonyo.

Lo mnyango owongeze ngezinyanga izintathu ukudingida imigudu ezosiza ukunqanda ubhubhane iCovid-19 nokucubungula izifo ezingaba khona.

Kulesi sitatimende abathe kube nephutha kuso, uMnyango wezeMpilo ubuthe ufuna abantwana ukuthi bakhululeke uma besesikoleni, uma isikhala sivuma futhi beqhelelene asikho isidingo sokuthi bafake izifonyo, ngoba bekuvele kunzima ukuthi bazifake.

“Akukho kwigazethi yenqubo mgomo yezempilo ukuthi izifonyo zingagqokwa abantwana, ngakho lesitatimende siyasihoxisa.” 

Uthe abantwana nabo kulindelekile ukuthi baqhubeke nokulandela imigudu yeCovid-19 yeRegulation 16A yokufakwa kwezifonyo emakilasini nakwezinye izindawo lapho kuhlangenwe khona endaweni evalekile. 

“Izifonyo zibalulekile ekutheni sigweme ukuthelelana kobhubhane kanti kumqoka kakhulu ukuthi zigqokwe manje njengoba nezibalo zabantu abahaqwa yiCovid-19 zinyuka,” kusho wona. 

Uphinde wanxusa umphakathi waseNingizimu Africa ukuba uqhubeke nokubathumelela izimpendulo ukuze zizokwazi ukulekelela ekutheni kuqedwe imigomo okusaqhutshekwa nayo.

“Seloku kumenyezelwe ukwengezwa kokucubungula imigudu ekuzomele ilandelwe yokunqanda iCovid-19, ziningi izimpendulo esizitholayo emphakathini,” kubeka loMnyango.

Umnyango unxuse abantu ukuba baqhubeke nokuzivikela kulolu bhubhane bafake izifonyo.