Lihlehlisiwe icala lephoyisa elisolwa ngokudubula libulale inesi esibhedlela saseTembisa ngoFebruwari.

Ngokwe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) iphoyisa lisasesibhedlela namanje, emuva kokuthi nalo lizidubule ngenkathi lidubula uNkk Lebogang Monene ababethandana naye kodwa sebehlukene. 

Ngo-Februwari 09 kuthiwa umsolwa (30) wafika esibhedlela saseTembisa ehamba ngemoto yamaphoyisa wafika wayipaka lapho kupaka izimoto zezimo eziphuthumayo. 

Umsolwa wafonela umufi uNkk Monene wamcela ukuba eze lapho ayepake khona. 

UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uMotalatale Modiba, uthi ngenkathi uNkk Monene efika lapho umsolwa ayepake khona akakhulumanga lutho kodwa wavele wamdubula, wabe esezidubula naye. 

“UNkk Monene washonela endaweni yesigameko, umsolwa waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uModiba

“Icala lihlehliselwe uJulayi 11 2022. Udokotela kamsolwa uthe usazohlala isikhathi esibhedlela,” kuchaza uSuping.