UNdunankulu waKwaZulu Natal uSihle Zikalala umemezele ukuthi iNdlunkulu kaZulu izothola uR67,316,000 wesabelomali oluvela kuhulumeni wesifundazwe kwibhajethi ka2022/23. 

Indlunkulu iyaqala ukuthi ithole isabelomali emva kokuba uhulumeni amukele iSilo uMisuzulu kaZwelithini. UZikalala umemezele lokhu ngenkathi ethula isabelomali esishayamthetho ngoLwesine ekuseni. Uthe lemali eyemisebenzi ebheke isizwe, sisingethwe iNdlunkulu.

“Le mali eyokweseka imisebenzi eyenziwa iNdlunkulu nemigubho yomlando. Izinto ezifana nomkhosi womhlanga, amaganu kanye nokunye,” kusho uZikalala. 

UZikalala uphinde wabonga uphiko olungaphansi kwehhovisi likaNdunankulu oluphenya inkohlakalo. Uthe nyakenye liphenye amacala awu-15 labe seliwadlulisela ezinhlakeni ezifanele. 

Uthe loluphiko luzothola uR35,170 million. Uphinde wanikeza izakhamuzi zaKwaZulu Natal ithemba emuva kokukhahlanyezwa izikhukhula. 

“Singuhulumeni angeke siphele amandla, lesi sifundazwe sizosimama,” kusho uZikalala.