UNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uthi luyaqhubeka uhlelo lokuqeda ngamathoyilethe omgodi ezikoleni zikahulumeni ngoMashi wangonyaka ozayo.

Ekhuluma ePhalamende ngezinyathelo ezithathwe uMnyango mayelana nokukhishwa kwamathoyilethe amabhakede ezikoleni, uGwarube uthe ihhovisi lakhe likubeke eqhulwini ukuqinisekisa ukuhlinzekwa kwamathoyilethe aphephile ezikoleni zikahulumeni. 

“Ukuqinisekisa ukuhlinzekwa kwamathoyilethe aphephile ngikubeke eqhulwini. Ngizoqinisekisa ukuthi siyawakhipha amathoyilethe omgodi uma kuphela unyaka wezezimali. Ngiyazi ukuthi ukusetshenziswa kwamathoyilethe omgodi akuyona ingozi kubafundi bethu kuphela kodwa kuthunaza nesidima sabo. Lamathoyilethe abeka abafundi engcupheni yokugula nokulimala, kudingeka sithathe izinyathelo ngokushesha,” kusho uGwarube.

Ngonyaka ka-2018, uMnyango waphenya ngamathoyilethe omgodi, kwatholakala ukuthi kunezikole ezingu-4,700 ezisasebenzisa amathoyilethe omgodi. 

“Sibhekene nenkinga yokungakhishwa kwamathoyilethe omgodi kwezinye izikole. Sihlalelwe ukuthi siqedele ukwakhiwa kwamathoyilethe asezingeni angu-259, okufanele aqedwe ngoMashi wangonyaka ozayo,” kubeka uGwarube.

UGwarube uthi wahlangana nabaphathiswa kwezinye izifundazwe, Waialua ngendlebe ukuthi akufanele kubuyiselwe imali ehhovisini leziMali kuzwelonke uma kusekhona izakhiwo ezikoleni okudingeka zikhandwe noma zilungiswe. 

UGwarube uthi usaqhubeka umsebenzi.

“Kusadingeka silungise indaba yamathoyilethe omgodi azokhishwa kuqala. Kudingeka siqikelele ukuthi izikole ziphephile noma sekufakwa amathoyilethe omgodi. Kunesidingo sokuqikelela ukuthi amathoyilethe omgodi azovalwa uthaqa ukuze kuzophepha abafundi ezikoleni,” kusho uGwarube.

UGwarube usole ukudembesela kubantu okufanele baqinisekise ukuthi ayakhandwa amathoyilethe amasha. UGwarube uthi uhulumeni uphosa izigidi ulekelela ukwakhiwa kwezakhiwo ezikhahlamezeka eminyakeni embalwa. 

UGwarube usole osomathuba abagebhela amathenda kuhulumeni, belandele ngokwakha ingqalasizinda engekho ezingeni. 

“Kufanele siqinise umthetho, sigade osomathuba abangawenzi umsebenzi ngendlela. Kufanele kuqikelelwe ukuthi osonkontileka nezikhulu zoMnyango zihlale engcupheni yokuthi zizobanjwa uma zingawenzi umsebenzi ngendlela noma kulahleka imali. Kufanele bavalelwe amathuba okuthola amathenda osonkontileka abahudula izinyawo,” kusho uGwarube.