UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, useqinisekise ukuthi umnyango wakhe uhlela ukuqasha abaseshi abangu-1000 abazoqinisa impi nobugebengu kuleli.

Ekhuluma nabezindaba eSoweto, uNgqongqoshe uhalalisele uphiko loKlebe (Hawks) nethimba labashushisi ngomsebenzi oncomekayo ngokugwetshwa kukaDaniel Mthimkhulu owayeyisikhulu soNjiniyela enkampanini kaHulumeni iPassenger Rail Agency of SA (PRASA). 

UMthimkhulu ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngamacala okukhwabanisa, ukukhuluma nokukokotela iziqu. UMthimkhulu wakokotela incwadi ngokuthola ithuba lomsebenzi eGermany ngoba egaqele ukunikezwa isikhundla kwaPRASA.

UMchunu waveza ukuthi bayashoda abaseshi ezindaweni ezihamba phambili ngobugebengu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ePhalamende ezinsukwini ezedlule.

UMchunu wathi kushoda abaseshi abangu-8,594 kwazise umbutho uhlome ngabaseshi abangu-22,413 kuphela. 

UMchunu uthi ukuqashwa kwabaseshi abasha kuzokwehlisa umthwalo kwamanye amaphoyisa ahlalelwe utaku lwamadokodo.

“Sisazama ukuqinisa ezinhlakeni ezishodayo, ngiyacela bangadinwa abaseshi. Wonke amacala kufanele aphenywe ngendlela enobulungiswa,” kubeka uMchunu.  

UNgqongqoshe uthi umnyango wakhe ubambe izingxoxo nohulumeni waseGauteng nabanye oMasipala abathathu kulesifunda ngenhloso yokusayina isivumelwano esizoqinisa ubudlelwano bokusebenza ezinhlakeni zezokuphepha. 

“Sizama ukuvala izikhala ezivulekile. Asivali ngabaseshi kuphela kodwa sifuna nokuqinisekisa ukuthi amaphoyisa azobonakala eqaphile ezindaweni ezithize,” kusho uMchunu. 

UMchunu uthi ezinye iziteshi zishodelwa amaphoyisa. 

“Sizohlanganisa izinhlaka zezokuphepha, zisebenzisane ndawonye. ISAPS, amaphoyisa eMetro nezinkampani zezokuphepha ezizimele sizozihlanganisa ngoba sifuna ukuqeda ubugebengu eGauteng,” kusho uMchunu.

Oyinhloko yamaHawks uLt-Gen Godfrey Lebeya uthi uphiko loKlebe lusebenzisane neNational Prosecuting Authority ecaleni likaMthimkhulu. 

“Saqala ukumbopha ngo-2015 kodwa sahlangabezana nezingqinamba umsolwa eveza ubufakazi bokuzivikela okwadonsisa icala,” kubeka uLebeya.

ULebeya uthi ukuboshwa kukaMthimkhulu kuyisifundo kwabafuna ukuqola ngeziqu zomkokotelo ukuthi ubugebengu abukhokheli. 

“Kusekhona abantu abazoqhubeka nokuqola ngeziqu zomkokotelo, ngiyathembisa ukuthi sizobabamba nabo, akukhathalekile ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani,” kubeka uLebeya.