Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ukhale ngabadlali bakhe ababili ngemuva kokubuya nephuzu elilodwa emdlalweni wabo weCAF Champions League ne-AS Maniema Union.
IBafana Ba Style ihlulekile ukubhakuzisa inethi eLoftus Versfeld yize ibifika izikhathi eziningi emapalini.
Lomphumela ushovele iDowns endaweni yesithathu kuGroup B, yahlala ngaphezulu kweRaja Casablanca ehlulwe omkhaya bayo i-AS FAR Rabat ngo 2-0 ekhaya.
Ekhuluma nabezindaba, uMngqithi ukhale ngabanye abadlali aba
“Kunabadlali ababili abavele badembesela emdlalweni, abazange bazimisele ngendlela ebengiyilindele.
“Abanye abadlali bafake umoya umdlalo wonke. Ngijabule ngezitobha kanye nabadlali basesiswini ngokwenza ebengikufuna.
“UTebza uyibambe ishisa insimbi ebhekene noKithambala. Iqhinga lethu belincike ekutheni uTebza avele ezikhaleni ezolanda ibhola ngoba bengifuna ukufihla enye yezinkinga zakhe. Ngikholwa ukuthi udlale kahle,” kubeka uMngqithi ekhuluma esithangamini nabezindaba.
Lomqeqeshi ubalule no-Erwin Saavedra kubadlali abamhlabe umxhwele.
“Liyangijabulisa ibhola elidlalwe u-Erwin, ngibona ezolisiza kakhulu iqembu. Baningi abadlali abangidlalele kahle, labo engikhala ngabo bavele badembesela. Ukuthela phansi umzimba kuvamise ukukhanda amaphutha kubadlali.
“Ngibona bedlale kangcono nabanye abadlali abanikezwe ithuba. Ngabe sikhuluma udaba oluhlukile ukube sikwazile ukuqedela wonke amathuba esiwatholile,” kubeka uMngqithi.
ISundowns izovakashela i-AS FAR Rabat emdlalweni wesibili kuGroup B. Lomdlalo uzobanjelwa eStade El Abdi, eMorocco, ngomhlaka 7 kuDisemba.