Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ukunqoba iCAF Champions League kuhleli eqhulwini lwemibandela azibekele yona kusaqala isizini.
IDowns izovula eyamaqoqo eChampions League ne-AS Maniema Union eLoftus Versfeld Stadium, ngoLwesibili.
IBafana Ba Style ibuya ehlazweni lokubhaxabulwa omakoti iMagesi kowamanqamu weCarling Knockout ngempelasonto.
UMngqithi uthi inhloso ukufinyelela kowamanqamu weChampions League kumnyama kubomvu.
“IChampions League iyisinkwa sethu semihla ngemihla. Angifuni siphoxe kulomqhudelwano. Abalandeli, ibhodi lezikhulu, yithimba labaqeqeshi nemindeni yethu bazozwela uma singabuyi nalendebe.
“Sinesikhathi eside sizama ukuphakamisa lendebe. Kufanele sikhuphukele ezingeni elizosibeka emdlalweni wamanqamu, okunye kuzobonakala phambili,” kubeka uMngqithi ekhuluma esithangamini nabezindaba eChloorkop.
UMngqithi uthi ukubeke emahlombe ukuphakamisa iChampions League.
“Kufanele siyiphakamise iChampions League kulesizini. Ngazibekela lombandela kusaqala isizini ngoba nginethemba ngokunqoba nezinye izindebe. Singakwazi nokuyiqukula iChampions League,” kusho uMngqithi.