Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi uthi kuhle ukubona amaqembu afana ne-Orlando Pirates ‘namanye’ bezama ukuqhudelana neMamelodi Sundowns, kodwa ekugcineni ubona izohamba naso isicoco seBetway Premiership.
UMngithi, ohlale iminyaka kwiMamelodi Sundowns waze washiya kuyo ngesizini edlule, uthi alikho iqembu lePSL elikwazi ukumelana ne-quality yabadlali beSundowns ebashaye ngo 2-1 ePretoria izolo.
“Ngeke ngithi iSundowns izowina wonke umdlalo osele, kodwa ngihlale ngikuveza njalo ukuthi inakho konke ekudingayo ukunqoba iligi kule sizini,” kusho yena ngemuva komdlalo wayizolo.
“Buka abadlali babo abebengekho ngisho ebhentshini. Leli qembu linakho konke ukuthatha iligi.
“Ngiyawuthanda umqhudelwano olethwe yiPirates namanye amaqembu, kodwa iqiniso ukuthi iSundowns ikwelinye izinga.
“Kwamanye amaqembu uma ususa umdlali othile uyabona iqembu alibe lisafana. KwiSundowns, uma engekho uTeboho, kukho uMarcelo, kukhona u-Adams, kukhona u-Aubaas, kukhona noMkhulise engikholwa ukuthi kufanele ngabe uhlale edlala.
“Ine-depth kuyona yonke indawo. Ngisho isiqala ukuba nzima isizini, banekho konke abakudingayo ukumelana nePSL. Abantu bangazitsheli okunye, naba abantu abazolwela iligi, ngokubona kwami. “