Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usale ebalisa ngezinqumo zikanompempe ngemuva komdlalo wabo neLamontville Golden Arrows abawunqobe ngo 2-1 izolo eLoftus Versfeld Stadium.

Noma inqobile iSundowns, isahleli kunombolo 2 ngenxa yamagoli. Igoli lokuqala leDowns livalelwe wuTeboho Mokoena esiwombeni sokuqala, elesibili likorwe wu-Iqraan Rayners kusanda kuqala isiwombe sesibili. I-Arrows ibike ngepenalty evalelwe wuJunior Dion ngomzuzu ka 77.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uCardoso usole unompempe ngokubacindezela kulo mdlalo.

“Ekugcineni, konke obekwenzeka bekucindezela thina… ngicabanga ukuthi unompempe namhlanje ubengakuthokozela ukulekelelwa yiVAR,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.

“Ubezojabula ngoba ibizomsiza abone ukuthi bekune offside ngaphambi kwe-penalty ayinikeze i-Arrows.

“Ngiyakhumbula nangesizini edlule kuyo le nkundla, kwisemi final yomdlalo we-cup, kwaba ne-offside ka 1 meter abangayibizanga sibhekene neKaizer Chiefs.

“Maningi kakhulu amaphutha esiwabonayo, iVAR kufanele ibekhona kwiPSL ngokushesha.”

UCardoso akagcinanga ngokukhalaza ngezinqumo zikanompempe kodwa uphinde wazwakalisa ukungenami ngempatho athi ayifani kumaqembu ePSL.

“Sibonile kule sizini kunamaqembu amise imidlalo yeligi ukuze ezodlala kwiround yokuhlungela iCAF. Ngonyaka odlile saqeda imidlalo yethu, saba ngompetha beligi abanye besanemidlalo esandleni.

“Ngakho ke kwabanye amanzi manzi, kodwa kwabanye amanzi yiwayini. Angiyiqondi lento.”