Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ayimshayisi ngovalo eyokuqala ngebatha koweCAF Champions League bebhekene ne-AS Maniema Union yaseDR Congo.

IDowns ihlulekile ukubona inethi kulomdlalo, yagcina ithole iphuzu elilodwa eliyibeke endaweni yesithathu kuGroup B oholwa yi-AS FAR yaseMorocco.

UMngqithi uthi iDowns izokwazi ukubuya namaphuzu agcwele emidlalweni esekuhambeni yize ilahle amabili eLoftus Versfeld ngoLwesibili. 

“Ngikholwa ukuthi sizokwazi ukunqoba imidlalo esekuhambeni kuleliqoqo. Ngibona sizoyinqoba neminye imidlalo esekhaya. Angitatazeliswa umphumela esiwuthole namuhla,” kusho uMngqithi ekhuluma nabezindaba.

UMngqithi wenze izinguquko eziyisithupha esikimini esadlala kowamanqamu weCarling Knockout, edlalisa u-Artur Sales, Kobamelo Kodisang, Erwin Saavedra, Divine Lunga, Malibongwe Khoza noThapelo Morena.

UMngqithi ukhale ngokuminyana kwemidlalo okuphoqe ukuthi bashintshe isikimu. 

“Besizongena ehlazweni ngokuhlulwa kulomdlalo ngoba sibanjwe ngenduku kowamanqamu. Ziningi izinkinga ebesibhekene nazo ngaphambi komdlalo. Imidlalo yethu isondelene eduze futhi besingekho nesikhathi sokuphumula. Besiphoqelekile ukwenza izinguquko ngenxa yezinkinga ebesizithwele.

“Iqembu belizowunqoba lomdlalo ukube bezingekho lezingqinamba esibhekene nazo. Angibagxeki abadlali abaqale umdlalo, bakwenzile okusemandleni abo.

“Inkinga ibiqondene nezinqumo ezibalulekile, ikakhulukazi iphasi yokugcina. Iqembu belihluleka ukujezisa izitha ngamathuba esiwathole sihlasela ngokujumisa. 

“Kunethuba eliqhamukele abagadli ababili bemakwe yisitobha esisodwa kodwa asikwazanga ukukhahlelela ipali. Lokho kungicasulile. Kodwa kuningi okuhle engikubone kubadlali yize umphumela ungemuhle,” kusho uMngqithi.

IDowns ihlalelwe imidlalo emibili yeligi abazoyidlala neSekhukhune United naMaZulu ngaphambi kokulibangisa eMorocco beyotholana ne-AS FAR ngomhlaka 7 kuDisemba.