Ntombifuthi Buthelezi 

Umndeni wowesilisa obesezakhele amazinyo abashelelezi kwabanye abathandi namaciko kamasikandi ngendlela abahlaziya ngayo umculo wabo usafuna izimpendulo ngokubulawa kwakhe okubonwe abaningi njengoba edutshulwe enza ilive video kuTikTok.

Kubikwa ukuthi uSiqiniseko Mvelase uhlaselwe umuntu ongaziwa ngenganono, ezihlalele ejalidini lakhe eliseDanatho eNigel eGoli ngeledlule.

Ilunga lomndeni elingathandanga ukuthi igama lalo lidalulwe lithe abakazi ukuthi uMvelase uzobekwa nini endaweni yakhe yokugcina, kodwa uma sebehlanganise amakhanda njengomndeni bazophuma nosuku bese bayabazisa abantu.

“Indlela okwenzeke ngayo ikhombisa ukuthi lomuntu ombulele umfice ehleli yedwa ejaladini, ubufakazi obuningi njengamanje asikabutholi, asikazi ukuthi kwenzakaleni ngoba nomuntu ohlala naye ubengekho esemsebenzini,” kusho ilunga lomndeni ekhuluma neZindaba Zethu.

Ngokwevideo ephume izolo kuvela ukuthi uzofihlwa ziwu-8 kuNhlangulana KwaMaphumulo, esigodini saKwaNodunga. Inkonzo yomgcwabo izoba seMpungeni Primary School.

Uqhube wathi basazama ukuthola umsuka wokubulawa kwakhe kodwa okwamanje abakazitholi izimpendulo.

Ukuhamba kukaMvelase emhlabeni kushiye abantu abaningi ikakhulukazi abalandeli bakamasikandi beshaya amakhala njengoba kubikwa ukuthi bese ziningi izitha abesezakhele zona endimeni kamasikandi ngenxa ‘yokudelela’ uma egxeka umculo kamaskandi ku TikTok.

Kubikwa ukuthi bese ziningi izihlandla exwayiswa ngendlela akhuluma ngayo, ekhuzwa nangendlela aziphethe ngayo ku TikTok kodwa ubekushaya indiva konke lokho.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZikode oyinyanga wake wakhipha ivideo imxwayisa uMvelase ngendlela enza ngayo izinto wamkhuza wathi akathi ukwehlisa kancane njengoba naku Dubula owayenza khona lokhu obekwenziwa uMvelase okuthiwa (ukutalabha abaculi) amuxwayisa wamutshela ukuthi akehlise kancane kulokhu akwenzayo njengoba wayebe nesibonakaliso sokuthi uzolinyazwa ngabantu. Ngempela kwenzeka njengoba ayebonisiwe, kanti futhi nakuye uMvelase sekuphinde kwenzeka njengoba ayeboniswe izinyanya zakubo.

Iningi labalandeli baka Mvelase kuTiktok libe selibuyela kwivideo eyaqoshwa wuZikode exwayisa uMvelase ngabantu abafuna ukuqeda ngaye. Lawa amazwi ashiwo wuZikode kwivideo ayikhipha ziyishumi kuZibandlela 2024.

“Sqiniseko ngane kamama angikwazi futhi angikaze ngihlangane nawe kodwa amathongo ami athi angikutshele ukuthi awuzame ukuziqoqa ngane kamama. Angisho ukuthini kodwa mfethu muthanda ukungifonela uzongifonela ukuze sizoyikhuluma kahle lendaba sesisobabili. Kubo bonke abantu abathuka abantu ngigqanyelwe uwena. Siqiniseko ziqoqe kunabantu abazingela ukuphila kwakho,” kusho uZikode.

Icala lokubulawa kuka Mvelase livulwe emaphoyiseni aseDanatho. Amaphoyisa abike ukuthi uma kukhona onolwazi ngomuntu obulale uMvelase akafonele noma aziyelele yena mathupha epholisiteshi. Baqinisekisile ukuthi bazozama ngakho konke ekuthenini lomuntu osoconge uSiqiniseko ajeze ngesenzo sakhe.